9 Khona uyakuqonda ukulunga nokwahlulela,neqiniso,yebo, nezindlela zonke ezinhle.
10 Ngokuba ukuhlakaniphakuyakungena enhliziyweni yakho,ukwazi kube mnandi emphefumulweni wakho.
11 Amasu ayakukulinda,ukuqonda kukugcine,
12 ukuze wophulwe endleleni yobubinakubantu abakhuluma okuphambeneyo,
13 abashiya imikhondo yobuqotho,ukuze bahambe ngezindlela zobumnyama;
14 abathokoza ngokwenza okubi,bajabulele ukuphambana kobubi;
15 abazindlela zabo ziyisigwegwe,nemikhondo yabo iphambene,