1 Iwayini liyisideleli,uphuzo olunamandla lungumxokozeli;bonke abaduka ngalo abahlakaniphile.
2 Ingebhe ngenkosi injengokubhonga kwengonyama;oyithukuthelisayo wona umphefumulo wakhe.
3 Kuludumo kumuntu ukuhlala kude nokuxabana,kepha zonke iziwula ziyaphikisana.
4 Ngenxa yobusika ivila aliyikulima;ngalokho uyakuthekela ngesikhathi sokuvuna, kungekho lutho.