13 Ungathandi ubuthongo,funa ufikelwe ngubumpofu;vula amehlo akho,uyakusutha ngesinkwa.
14 “Kubi, kubi,” kusho umthengi;kepha esehambile uyazigabisa.
15 Kukhona igolide namarubi* amaningi,kepha ukwazi kwezindebe kuyigugu elinqabileyo.
16 Thatha ingubo yoyisibambiso somfokazi,umbambe abe yisibambiso omela abezizwe.
17 Isinkwa samanga simnandi kumuntu,kepha ngasemuva umlomo wakhe uyakugcwaliswa ngohlalwane.
18 Amacebo onke ayaqiniswangokululekana;yilwa impi ngamasu.
19 Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo;ngalokho ungahlangani naye ovula kakhulu umlomo wakhe.