17 Isinkwa samanga simnandi kumuntu,kepha ngasemuva umlomo wakhe uyakugcwaliswa ngohlalwane.
18 Amacebo onke ayaqiniswangokululekana;yilwa impi ngamasu.
19 Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo;ngalokho ungahlangani naye ovula kakhulu umlomo wakhe.
20 Oqalekisa uyise nonina,isibani sakhe siyakucimeka esigayegayeni.
21 Imfuyo ingatholwa ngokushesha ekuqaleni,kepha ukuphela kwayo akuyikubusiswa.
22 Ungasho ukuthi:“Ngiyakuphindisela okubi,”yethemba kuJehova, uyakukusindisa.
23 Izisindo ezimbili ziyisinengiso kuJehova,nesilinganiso senkohliso asilungile.