20 Kukhona ingcebo enxanelekayonamafutha endlini yohlakaniphileyo,kepha umuntu oyisiwula uyakugwinya.
21 Olandela ukulunga nomusauyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo.
22 Ohlakaniphileyo angenyukela emzini wamaqhawe,awise phansi inqaba ayethembayo wona.
23 Ogcina umlomo wakhe nolimi lwakheulonda umphefumulo wakhe ezinsizini.
24 Ozidlayo nozigabisayo,yisideleli igama lakhe,yena osebenza ngokuziphakamisa okukhulu.
25 Isifiso sevila siyalibulala,ngokuba izandla zalo ziyenqaba ukusebenza.
26 Kuyafiswa nokufiswa usuku lonke,kepha olungileyo uyaphana engancishi.