28 Ufakazi wamanga uyabhujiswa,kepha umuntu ozwileyo angakhuluma njalo.
29 Umuntu omubi uyenza lukhuni ubuso bakhe,kepha oqotho uyanaka indlela yakhe.
30 Akukho ukuhlakanipha,akukho ukuqonda,nesiluleko, okungamelana noJehova.
31 Ihhashi lilungiselwa usuku lokulwa,kepha ukusindiswa kungokukaJehova.