10 Xosha isideleli,besekuphuma ukuxabana,kuphele ukuphikisana nehlazo.
11 Othanda inhlanzeko ngenhliziyononomusa emlonyeni wakhe ungumngane wenkosi.
12 Amehlo kaJehova anaka onokwazi,kepha uyachitha amazwi ombuluzayo.
13 Ivila lithi: “Kukhona ingonyama ngaphandle;ngiyakubulawa phandle esigcawini.”
14 Umlomo wowesifazane ondindayo ungumgodi ojulileyo;othukuthelelwayo nguJehova uyakuwela kuwo.
15 Ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana,kepha induku yokulaya iyabudedisela kude naye.
16 Ocindezela ompofu ukuba azandiselenophayo isicebi bayakuba ngabokuswela kuphela.