17 Beka indlebe yakho,uzwe amazwi ezihlakaniphi,ubeke ukufundisa kwami enhliziyweni yakho.
18 Ngokuba kumnandi, uma ukugcina phakathi kwakho,kubekwe kanyekanye ezindebeni zakho.
19 Ukuba ithemba lakho libe kuJehova,ngikwazisile khona namuhla,yebo, wena.
20 Angithi ngilobile kuwe nangaphambilingeziluleko nangokwazi,
21 ukuze ngikwazise ukuthembeka kwamazwi eqinisoukuba ubuyisele kwabakuthumileyo amazwi eqiniso, na?
22 Ungamphangi ompofu ngokuba empofu,ungamchobozi oswelayo esangweni,
23 ngokuba uJehova uyakumela indaba yabo,aphuce ababaphucayo umphefumulo wabo.