19 Ukuba ithemba lakho libe kuJehova,ngikwazisile khona namuhla,yebo, wena.
20 Angithi ngilobile kuwe nangaphambilingeziluleko nangokwazi,
21 ukuze ngikwazise ukuthembeka kwamazwi eqinisoukuba ubuyisele kwabakuthumileyo amazwi eqiniso, na?
22 Ungamphangi ompofu ngokuba empofu,ungamchobozi oswelayo esangweni,
23 ngokuba uJehova uyakumela indaba yabo,aphuce ababaphucayo umphefumulo wabo.
24 Ungabi ngumngane womuntu onolaka,ungahambi nomuntu onokufutheka,
25 funa ufunde izindlela zakhe,uthole ugibe lomphefumulo wakho.