21 ukuze ngikwazise ukuthembeka kwamazwi eqinisoukuba ubuyisele kwabakuthumileyo amazwi eqiniso, na?
22 Ungamphangi ompofu ngokuba empofu,ungamchobozi oswelayo esangweni,
23 ngokuba uJehova uyakumela indaba yabo,aphuce ababaphucayo umphefumulo wabo.
24 Ungabi ngumngane womuntu onolaka,ungahambi nomuntu onokufutheka,
25 funa ufunde izindlela zakhe,uthole ugibe lomphefumulo wakho.
26 Ungabi ngowabaxhawulanayo,nowabayizibambiso zezikwenetu;
27 uma kungekho ongakhokha ngakho,ubuyakususelwani umbhede wakho phansi kwakho na?