3 Qqondileyo uyabona ububi, acashe,kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.
4 Umvuzo wokuthobeka kokumesaba uJehovauyingcebo, nodumo, nokuphila.
5 Ameva nezingibe kusendleleni yabaphambeneyo,kepha ogcina umphefumulo wakhe uyakudedela kude nakho.
6 Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe;kuyakuthi lapho esekhulile,angasuki kuyo.
7 Isicebi sibusa phezu kwabampofu,nobolekayo uyisigqila somtshelekileyo.
8 Ohlwanyela ububi uyakuvuna usizi,nenduku yolaka lwakhe iyakuphela.
9 Oneso elimnene uyakubusiswa,ngokuba uyapha ompofu okwesinkwa sakhe.