8 Ohlwanyela ububi uyakuvuna usizi,nenduku yolaka lwakhe iyakuphela.
9 Oneso elimnene uyakubusiswa,ngokuba uyapha ompofu okwesinkwa sakhe.
10 Xosha isideleli,besekuphuma ukuxabana,kuphele ukuphikisana nehlazo.
11 Othanda inhlanzeko ngenhliziyononomusa emlonyeni wakhe ungumngane wenkosi.
12 Amehlo kaJehova anaka onokwazi,kepha uyachitha amazwi ombuluzayo.
13 Ivila lithi: “Kukhona ingonyama ngaphandle;ngiyakubulawa phandle esigcawini.”
14 Umlomo wowesifazane ondindayo ungumgodi ojulileyo;othukuthelelwayo nguJehova uyakuwela kuwo.