21 Ngokuba inseli noyisiminzi bayakuba mpofu;ukozela kuyakwembathisa umuntu amanikiniki.
22 Lalela uyihlo owakuzalayo,ungamdeleli unyoko lapho esemdala.
23 Thenga iqiniso, ungathengisi ngalo,nokuhlakanipha, nokulaywa, nokuqonda.
24 Uyise wolungileyo uyakwethaba nokwethaba,nozala ohlakaniphileyo uyathokoza ngaye.
25 Mabathokoze uyihlo nonyoko,ethabe owakubelethayo.
26 Ndodana yami,ngiphe inhliziyo yakho,amehlo akho enamele izindlela zami.
27 Ngokuba isifebe singumgodi ojulileyo,nowesifazane ondindayo ungumhholo onyinyeneyo.