9 Ungakhulumi ezindlebeni zesiwula,ngokuba siyakudelela ukuhlakaniphakwamazwi akho.
10 Ungasusi isikhonkwane esidala,ungangeni emasimini ezintandane,
11 ngokuba umhlengi wazo unamandla;uyakumela indaba yazo kuwe.
12 Beka inhliziyo yakho ekulayweni,nezindlebe zakho emazwini okwazi.
13 Ungayeki ukumlaya umntwana,ngokuba uma umshaya ngoswazi akayikufa.
14 Uyakumshaya ngoswazi,wophule umphefumulo wakhe endaweni yabafileyo.
15 Ndodana yami,uma inhliziyo yakho ihlakanipha,inhliziyo yami iyakuthokoza,yebo, eyami.