1 Ungabi namhawu ngabantu ababi,ungafisi ukuba nabo.
2 Ngokuba izinhliziyo zabo ziceba ukuchitha,nezindebe zabo zikhuluma ngengozi.
3 Indlu iyakhiwa ngokuhlakanipha,iqiniswe ngokuqonda.
4 Amakamelo agcwaliswa ngokwazi,ngayo yonke ingcebo enqabileyo nemnandi.
5 Umuntu ohlakaniphileyo udlula onamandla,nomuntu onokwazi onezikhwepha.
6 Ngokuba ngokucabanga ungaphaka impi yakho,nokusinda kumi ngobuningi babeluleki.
7 Ukuhlakanipha kuphakeme kunesiwula;esangweni asivuli umlomo waso.