15 Wena omubi ungaqamekeli indlu yolungileyo,ungachithi indawo yakhe yokuphumula.
16 Ngokuba olungileyo angawa kasikhombisa,abesebuye avuke,kepha ababi bayakukhubeka ngobubi.
17 Ungathokozi ngokuwa kwesitha sakho,nenhliziyo yakho mayingajabuli ngokukhubeka kwaso,
18 funa uJehova akubone,kube kubi emehlweni akhe,asuse intukuthelo yakhe kuso.
19 Ungazikhathazi ngabenza okubi,ungabi namhawu ngamashinga.
20 Ngokuba omubi akayikuba namvuzo,nesibani samashinga siyakucima.
21 Ndodana yami, yesaba uJehova nenkosi,ungahlangani nabahlubukayo.