18 funa uJehova akubone,kube kubi emehlweni akhe,asuse intukuthelo yakhe kuso.
19 Ungazikhathazi ngabenza okubi,ungabi namhawu ngamashinga.
20 Ngokuba omubi akayikuba namvuzo,nesibani samashinga siyakucima.
21 Ndodana yami, yesaba uJehova nenkosi,ungahlangani nabahlubukayo.
22 Ngokuba ingozi yabo iyakuvuka masinyane;ngubani owazi ukuchithwa kweminyaka yabo na?
23 Nalawa angamazwi ahlakaniphileyo:Ukukhetha ubuso ekwahluleleni akukuhle.
24 Oshoyo komubi ukuthi: “Ulungile,”lowo abantu bayakumqalekisa,nezizwe ziyakumthukuthelela.