20 Ngokuba omubi akayikuba namvuzo,nesibani samashinga siyakucima.
21 Ndodana yami, yesaba uJehova nenkosi,ungahlangani nabahlubukayo.
22 Ngokuba ingozi yabo iyakuvuka masinyane;ngubani owazi ukuchithwa kweminyaka yabo na?
23 Nalawa angamazwi ahlakaniphileyo:Ukukhetha ubuso ekwahluleleni akukuhle.
24 Oshoyo komubi ukuthi: “Ulungile,”lowo abantu bayakumqalekisa,nezizwe ziyakumthukuthelela.
25 Kwabamthethisayo kuyakuba mnandi,kufike phezu kwabo isibusiso esihle.
26 Njengokwanga kwezindebe,injalo impendulo eqinisileyo.