28 Ungabi ngufakazi ngomakhelwane wakho kungekho sizathu;wothi ukhohlise ngezindebe zakho na?
29 Ungasho ukuthi: “Njengalokho ekwenzile kimi,kanjalo ngiyakwenza kuye,ngimphindisele umuntu njengesenzo sakhe.”
30 Ngadlula ensimini yomuntu oyivila,nasesivinini somuntu ongenangqondo;
31 bheka, kuso sonke kwakukhona izimbathi,sisibekelwe phezulu ngezimbabazane,nogange lwaso lwamatshe lwaludilizelwe phansi.
32 Ngabuka-ke mina, ngacabanga;ngabona, ngathola ukulaywa:
33 ubuthongo obuncane, ukozela okuncane,ukusonga izandla kancane kuze kulalwe,
34 bese kuthi ubumpofu bakho bufike njengomhambuma,nokuswela kwakho njengomuntu wesihlangu.