7 Ukuhlakanipha kuphakeme kunesiwula;esangweni asivuli umlomo waso.
8 Ocabanga ukwenza okubiuyakubizwa ngokuthi owenza amacebo.
9 Ukuceba ubuwula kuyisono,nesideleli siyisinengiso kubantu.
10 Uma udangala ngosuku lokuhlupheka,amandla akho mancane.
11 Bophule abayiswa ekufeni;abakhubekiselwa ekubulaweni ubagodle.
12 Uma uthi: “Bheka, besingakwazi,”akakuqondi yini olinganisa izinhliziyo,nolonda umphefumulo wakho akakwazi, na?Futhi akayikuphindisela bonke abantu ngokwemisebenzi yabo na?
13 Ndodana yami, yidla izinyosi,ngokuba zimnandi,noju oluhle emlonyeni wakho.