9 Ukuceba ubuwula kuyisono,nesideleli siyisinengiso kubantu.
10 Uma udangala ngosuku lokuhlupheka,amandla akho mancane.
11 Bophule abayiswa ekufeni;abakhubekiselwa ekubulaweni ubagodle.
12 Uma uthi: “Bheka, besingakwazi,”akakuqondi yini olinganisa izinhliziyo,nolonda umphefumulo wakho akakwazi, na?Futhi akayikuphindisela bonke abantu ngokwemisebenzi yabo na?
13 Ndodana yami, yidla izinyosi,ngokuba zimnandi,noju oluhle emlonyeni wakho.
14 Yazi ukuthi kunjalo ukuhlakanipha emphefumulweni wakho;uma ukutholile, kuyakuba khona isikhathi esizayo,nethemba lakho aliyikunqunywa.
15 Wena omubi ungaqamekeli indlu yolungileyo,ungachithi indawo yakhe yokuphumula.