1 Njengeqhwa ehlobo nemvula ngesikhathi sokuvuna,kanjalo udumo alufanele isiwula.
2 Njengomzwilili ekuhambeni kwawonanjengenkonjane ekundizeni kwayo,kanjalo isiqalekiso esingenasizathu asizi.
3 Isiswebhu singesehhashi,netomu lingelembongolo,noswazi lungolomhlane weziwula.
4 Ungasiphenduli isiwula njengobuwula baso,funa ufane naso.
5 Phendula isiwula njengobuwula baso,funa sibe ngohlakaniphileyo emehlweni aso.
6 Othuma izwi ngesandla sesiwulaunquma izinyawo zakhe,uphuza ingozi.