1 Ungazigabisi ngolwakusasa,ngokuba awukwazi okungavela ngosuku.
2 Makakudumise omunye,kungabi ngumlomo wakho,kube ngumfokazi,kungabi yizindebe zakho.
3 Itshe liyasinda nesihlabathi sinzima,kepha ukukhathaza kwesiwula kuyasinda kunakho kokubili.
4 Ulaka lulunya nentukuthelo iyisikhukhula,kepha ngubani ongema phambi komhawu na?
5 Ukusola okusobala kungconokunothando olufihliweyo.
6 Amanxeba othandayo athembekile,kepha ukwanga kwesitha kuyachichima.
7 Umphefumulo osuthiyo uyanengwa yizinyosi,kepha emphefumulweni olambileyo konke okubabayo kumnandi.