1 Ababi bayabaleka, noma kungekho obaxoshayo,kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.
2 Ngesiphambeko salo izwe linezikhulu eziningi,kepha ngabantu abaqondileyo nabanokwazi liyakuma.
3 Umuntu oswelayo ocindezela abampofuunjengemvula ekhukhulayo engashiyi ukudla.
4 Abashiya umthetho badumisa ababi,kepha abagcina umthetho balwa nabo.
5 Abantu ababi abaqondi ukwahlulela,kepha abafuna uJehova baqonda konke.