16 Wena sikhulu esingenakuqonda nesicindezelayo,ozonda inzuzo engalungile uyakwandiza izinsuku zakhe.
17 Umuntu osindwa yigazi lomunyeuyakubalekela egodini;makangasizwa muntu.
18 Ohamba ekupheleleni uyakusinda,kepha ophambene ngezindlela zakhe uyakuwa kwenye yazo.
19 Olima insimu yakhe uyakusutha ngokudla,kepha olandela amayiyane uyakusutha ngobumpofu.
20 Umuntu othembekileyo uyakuvama izibusiso,kepha oshesha ukuceba akayikuyekwa.
21 Ukukhetha ubuso akukuhle;ngomthamo wesinkwa umuntu angenza isiphambeko.
22 Umuntu oneso elibi ushesha ukuba athole imfuyo;akazi ukuthi ukuswela kuyakumehlela.