3 Umuntu oswelayo ocindezela abampofuunjengemvula ekhukhulayo engashiyi ukudla.
4 Abashiya umthetho badumisa ababi,kepha abagcina umthetho balwa nabo.
5 Abantu ababi abaqondi ukwahlulela,kepha abafuna uJehova baqonda konke.
6 Ungcono ompofu ohamba ekupheleleni kwakhekunocebileyo ophambene ngezindlela zakhe.
7 Ogcina umthetho uyindodana eqondileyo,kepha ongumngane weziminzi uhlazisa uyise.
8 Owandisa imfuyo yakhe ngenzalo nangenzuzouyibuthela onomusa kwabampofu.
9 Ophendula indlebe yakhe ekuzweni umthetho,nomkhuleko wakhe uyisinengiso.