9 Ophendula indlebe yakhe ekuzweni umthetho,nomkhuleko wakhe uyisinengiso.
10 Odukisela abaqotho endleleni embiuyakuwela emgodini wakhe,kepha abapheleleyo bayakudla ifa lokuhle.
11 Isicebi sihlakaniphile emehlweni aso,kepha ompofu oqondileyo uyakusifica.
12 Lapho abalungileyo bethokoza,udumo lukhulu,kepha ekuvukeni kwababi abantu bamelwe ukufunwa.
13 Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela,kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.
14 Ubusisiwe umuntu owesaba njalo,kepha oyenza lukhuni inhliziyo yakhe uyakuwela ebubini.
15 Njengengoyama ebhongayo nebhere* elihahayo,unjalo umbusi omubi phezu kwabantu abampofu.