1 Umuntu osolwayo,onentamo elukhuni kodwa,uyakwaphulwa ngokuphazima kweso, engenakuphulukiswa.
2 Abantu bayathokoza ngokwanda kwabalungileyo,kepha ngokubusa kwababi abantu bayabubula.
3 Umuntu othanda ukuhlakanipha uthokozisa uyise,kepha umngane wezifebe uchitha imfuyo yakhe.
4 Inkosi iqinisa izwe ngokwahlulela,kepha umuntu olithelisayo uyalichitha.
5 Umuntu othopha umakhelwane wakhewenekela izinyawo zakhe inetha.