12 Uma umbusi elalela indaba yamanga,zonke izinceku zakhe zimbi.
13 Ompofu nocindezelayo bandawonye;uJehova ukhanyisa amehlo abo bobabili.
14 Inkosi eyahlulela abampofu ngeqiniso,isihlalo sayo sobukhosi siyakuma phakade.
15 Uswazi nokusola kuyanika ukuhlakanipha,kepha umntwana oyekwayo uyahlazisa unina.
16 Ngokwanda kwababi kuyanda iziphambeko,kepha abalungileyo bayakubuka ukuwa kwabo.
17 Yilaye indodana yakho,iyakukuphumuza,yebo, iyakuthokozisa umphefumulo wakho.
18 Lapho kungekho mbono khona,abantu bayadlubulunda,kepha ogcina umthetho ubusisiwe.