18 Lapho kungekho mbono khona,abantu bayadlubulunda,kepha ogcina umthetho ubusisiwe.
19 Inceku ayisolwa ngamazwi,ngokuba noma iqonda ayilaleli.
20 Uyabona umuntu oshesha ngamazwi na?Kukhona ithemba ngesiwula kunangaye.
21 Inceku ekhuliswa kahle kwasebuntwaneniiyakuba yindodana ekugcineni.
22 Umuntu onolaka uvusa ukuxabana,nomuntu ofuthekayo uvama ukuphambeka.
23 Ukuzidla komuntu kuyamthobisa,kepha onomoya othobekileyo uyazuza udumo.
24 Ohlanganyela nesela uzonda umphefumulo wakhe;uyezwa isifungo, kepha akasidaluli.