5 Umuntu othopha umakhelwane wakhewenekela izinyawo zakhe inetha.
6 Esiphambekweni somuntu omubi kukhona ugibe,kepha olungileyo uyenanela, athokoze.
7 Olungileyo uyazi indaba yabampofu,kepha omubi akayiqondi.
8 Abantu abayizideleli bavusa umuzi,kepha abahlakaniphileyo babuyisa ulaka.
9 Uma ohlakaniphileyo ephikisene nesiwula,siyadlova sihleke, nokuthula akukho.
10 Abantu begazi bayazonda opheleleyo,kepha abaqotho banaka umphefumulo wakhe.
11 Isiwula sikhipha lonke ulaka lwaso,kepha ohlakaniphileyo uyalugodla ekugcineni.