9 Uma ohlakaniphileyo ephikisene nesiwula,siyadlova sihleke, nokuthula akukho.
10 Abantu begazi bayazonda opheleleyo,kepha abaqotho banaka umphefumulo wakhe.
11 Isiwula sikhipha lonke ulaka lwaso,kepha ohlakaniphileyo uyalugodla ekugcineni.
12 Uma umbusi elalela indaba yamanga,zonke izinceku zakhe zimbi.
13 Ompofu nocindezelayo bandawonye;uJehova ukhanyisa amehlo abo bobabili.
14 Inkosi eyahlulela abampofu ngeqiniso,isihlalo sayo sobukhosi siyakuma phakade.
15 Uswazi nokusola kuyanika ukuhlakanipha,kepha umntwana oyekwayo uyahlazisa unina.