1 Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami,kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami,
2 ngokuba iyakwenezela kuweubude bezinsuku,neminyaka yokuphila, nokuthula.
3 Isihhe neqiniso makungakushiyi;kubophe entanyeni yakho,ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,
4 ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu.
5 Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho,ungenciki kokwakho ukuqonda.
6 Mazise yena ezindleleni zakho zonke,uyakuqondisa imikhondo yakho.
7 Ungabi ngohlakaniphileyo emehlweni akho;mesabe uJehova, udede ebubini.