21 Ndodana yami,lokho makungasuki emehlweni akho,ugcine ukuhlakanipha namasu,
22 kube ngukuphila emphefumulweni wakhonomusa entanyeni yakho.
23 Khona uyakuhamba indlela yakho ngokulondeka,ungaqhuzuli unyawo lwakho.
24 Lapho ulala phansi,awuyikwesaba lutho;nanxa usulale phansi,ubuthongo bakho buyakuba mnandi.
25 Ungethuswa luvalo oluzumayonokuchithwa kwababi, lapho kufika,
26 ngokuba uJehova uyakuba yithemba lakho,agcine unyawo lwakho ukuba lungabhajwa.
27 Ungagodleli abaninikho okuhle,lapho kusemandleni esandla sakho ukukwenza.