1 Amazwi ka-Aguri, indodana kaJakhe waseMasa. Yathi indoda ku-Ithiyeli, ko-Ithiyeli no-Ukhali:
2 “Impela ngiyisiwula kunabanye abantu,anginakuqonda komuntu.
3 Angifundanga ukuhlakanipha,ukuze ngazi oNgcwele.
4 Ngubani owenyukele ezulwini,wabuye wehla na?Ngubani oqoqele umoya ezandleni zakhe na?Ngubani obophile amanzi engutsheni yakhe na?Ngubani omisile yonke imikhawulo yomhlaba na?Ngubani igama lakhe,ngubani igama lendodana yakhe, uma ulazi, na?
5 “Onke amazwi kaNkulunkulu acwebile;uyisihlangu kwabaphephela kuye.
6 Ungenezeli emazwini akhe,funa akusole, ufunyanwe ungumqambimanga.