26 izimbila ziyisizwe esibuthakathaka,kanti ziyakha izindlu zazo edwaleni;
27 izinkumbi azinankosi,kanti ziyaphuma zonke ngamaviyo;
28 isibankwa ungasibamba ngezandla zombili,kanti sisendlini yenkosi.
29 “Kukhona izinto ezintathu ezinyathela ngesizotha,yebo, ezine ezihamba ngesithunzi:
30 ingonyama, iqhawe ezilwaneni;ayihlehli nakusiphi;
31 nehhashi lempi kanye nempongo,nenkosi phambi kwempi yayo.
32 “Uma wenzile ubuwula ngokuziphakamisa.wacabanga okubi,beka isandla emlonyeni wakho.