12 Uyayenzela okuhle, kungabi ngokubi,zonke izinsuku zokuphila kwakhe.
13 Ufuna uboya bezimvu nefilakisi;*usebenza ngezandla ezivumayo.
14 Unjengemikhumbi yabathengi;ulanda kude ukudla kwakhe.
15 Uyavuka kuse sebusuku,aphe abendlu yakhe ukudlanamantombazana akhe imisebenzi yawo.
16 Ucabanga ngensimu, ayithenge;ngesithelo sezandla zakhe utshala isivini,
17 Uyabhinca okhalweni amandla;uyaqinisa izingalo zakhe.
18 Uyabona ukuthi ukuphatha kwakhe kunenzuzo;isibani sakhe asicimeki nasebusuku.