1 Zwanini, madodana ami, ukulaya kukayise,nilalele, ukuze nazi ukuqonda.
2 Ngokuba ngiyaninika izifundiso ezinhle;ningawushiyi umthetho wami.
3 Ngokuba ngangiyindodana kubaba,ethambileyo neyodwa emehlweni kamame.
4 Wangifundisa, wathi kimi:“Inhliziyo yakho mayibambe amazwi ami;gcina imiyalo yami, uphile.
5 Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda;ungakhohlwa, ungachezuki emazwini omlomo wami;
6 ungakushiyi, kuyakukugcina;kuthande, kuyakukulondoloza.
7 Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu:Zuza ukuhlakanipha;yebo, ngakho konke okutholileyo zuza ukuhlakanipha.