12 Ekuhambeni kwakho isinyathelo asiyikuvinjelwa,nasekugijimeni kwakho awuyikukhubeka.
13 Bambelela ekulayweni, ungakuyeki;kulonde,ngokuba kungukuphila kwakho.
14 Ungangeni emkhondweni wababi,ungahambi endleleni yabonakeleyo.
15 Yixwaye, ungadluli ngayo;chezuka kuyo, udlule.
16 Ngokuba abalali,uma bengenzanga okubi;ubuthongo buyasuswa,uma bengakhubekisanga muntu.
17 Ngokuba badla isinkwa sobubi,baphuza iwayini lobudlwangudlwangu.
18 Umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusaokuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube semini.