19 Indlela yababi injengobumnyama;abazi ukuthi bakhubeka ngani.
20 Ndodana yami, lalela amazwi ami,ubeke indlebe yakho kukho ukukhuluma kwami.
21 Makungachezuki emehlweni akho,ukugcine phakathi kwenhliziyo yakho,
22 ngokuba kungukuphila kwabakufumanayonempilo yomzimba wonke wabo.
23 Phezu kwakho konke okugcinayo,gcina inhliziyo yakho,ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.
24 Susa kuwe ukuphambana komlomo,nezindebe eziyisigwegwe uzidedisele kude nawe.
25 Amehlo akho mawabheke phambili,nezinkophe zakho maziqonde phambi kwakho.