7 Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu:Zuza ukuhlakanipha;yebo, ngakho konke okutholileyo zuza ukuhlakanipha.
8 Kukhulise, kuyakukuphakamisa;kuyakukudumisa, lapho ukugona.
9 Kuyakunika ikhanda lakho umgexo womusa,kunikeze kuwe umqhele wodumo.”
10 Yizwa, ndodana yami,wamukele izwi lami;kuyakuthi iminyaka yokuphila kwakho ibe miningi.
11 Ngikufundisa ngendlela yokuhlakanipha;ngikuhola emikhondweni yobuqotho.
12 Ekuhambeni kwakho isinyathelo asiyikuvinjelwa,nasekugijimeni kwakho awuyikukhubeka.
13 Bambelela ekulayweni, ungakuyeki;kulonde,ngokuba kungukuphila kwakho.