1 Ndodana yami, lalela ukuhlakanipha kwami,ubeke indlebe yakho ekuqondeni kwami
2 ukuba ugcine amasu,nezindebe zakho zilonde ukwazi.
3 Ngokuba izindebe zowesifazane ondindayo ziconsa izinyosi;umlomo wakhe ubushelezi kunamafutha.
4 Kepha ekugcineni umunyu njengomhlonyane,ubukhali njengenkemba enezinhlangothi ezimbili.
5 Izinyawo zakhe ziyehlela ekufeni;izinyathelo zakhe zibambelela endaweni yabafileyo.
6 Akanaki umkhondo wokuphila;imikhondo yakhe iyaguquguquka,engazi.
7 Ngalokho, madodana ami, ngizweni,ningachezuki emazwini omlomo wami.