11 uze ububule ekugcineni,lapho umzimba wakho nenyama yakho kuqediwe,
12 ngokuthi: “Yeka ukuzonda kwami ukulaywanokudelela kwenhliziyo yami ukusolwa!
13 Angilalelanga izwi labafundisi bami,angibekanga indlebe yami kubo abangifundisayo.
14 Ngacishe ngaba sebubini bonkephakathi kwebandla nasemhlanganweni.”
15 Phuza amanzi emgodini wakho,amanzi agobhozayo emthonjeni wakho.
16 Imithombo iyaphalala ngaphandle yini,nemifula yamanzi ezigcawini, na?
17 Mayibe ngeyakho wena wedwa,ingabi ngeyabafokazi kanye nawe.