17 Mayibe ngeyakho wena wedwa,ingabi ngeyabafokazi kanye nawe.
18 Mawubusiswe umthombo wakho,uthokoze ngomfazi wobusha bakho.
19 Uyindluzelekazi ethandayo negogokazi elihle;amabele akhe mawakudelise ngesikhathi sonke,weqiwe njalo luthando lwakhe.
20 Ubuyakweqelwani ngowesifazane ondindayo, ndodana yami,ugone isifuba somfokazi, na?
21 Ngokuba izindlela zomuntuziphambi kwamehlo kaNkulunkulu;uyenza yonke imikhondo yakhe ukuba ilingane.
22 Omubi uyakubanjwa ngububi bakhe,abhajwe ngezintambo zezono zakhe.
23 Uyakufa yena ngokuswela ukulaywa,nangobuningi bobuwula bakhe uyakuduka.