5 Izinyawo zakhe ziyehlela ekufeni;izinyathelo zakhe zibambelela endaweni yabafileyo.
6 Akanaki umkhondo wokuphila;imikhondo yakhe iyaguquguquka,engazi.
7 Ngalokho, madodana ami, ngizweni,ningachezuki emazwini omlomo wami.
8 Dedisela kude naye indlela yakho,ungasondeli emnyango wendlu yakhe,
9 funa unike abanye udumo lwakho,naye ononya iminyaka yakho,
10 funa abezizwe basuthe ngamandla akho,umshikashika wakho ube sendlini yomfokazi,
11 uze ububule ekugcineni,lapho umzimba wakho nenyama yakho kuqediwe,