9 funa unike abanye udumo lwakho,naye ononya iminyaka yakho,
10 funa abezizwe basuthe ngamandla akho,umshikashika wakho ube sendlini yomfokazi,
11 uze ububule ekugcineni,lapho umzimba wakho nenyama yakho kuqediwe,
12 ngokuthi: “Yeka ukuzonda kwami ukulaywanokudelela kwenhliziyo yami ukusolwa!
13 Angilalelanga izwi labafundisi bami,angibekanga indlebe yami kubo abangifundisayo.
14 Ngacishe ngaba sebubini bonkephakathi kwebandla nasemhlanganweni.”
15 Phuza amanzi emgodini wakho,amanzi agobhozayo emthonjeni wakho.