13 oqwayiza amehlo,eshudula ngezinyawo zakhe,ekhomba ngeminwe.
14 Ubuphoxo busenhliziyweni yakhe;uceba okubi ngesikhathi sonke;ususa ukuxabana.
15 Ngalokho ingozi yakhe iyakufika ngokuzumayo;ngokuphazima kweso uyakwaphulwa,kungabikho ukuphiliswa.
16 Kukhona izinto eziyisithupha azizondayo uJehova,yebo, eziyisikhombisa eziyizinengiso emphefumulweni wakhe:
17 amehlo azidlayo, nolimi lwamanga,nezandla ezichitha igazi elingenacala,
18 nenhliziyo eceba imicabango emibi,nezinyawo ezishesha ukugijimela ebubini,
19 nofakazi wamanga ophafuza inkohliso,obanga ukuxabana phakathi kwabazalwane.