23 Ngokuba imiyalo iyisibani,nomthetho ungukukhanya,nokusola ngokulaya kuyindlela yokuphila,
24 ukuze ugcinwe kowesifazane omubi,nasekuthopheni kolimi lowesifazane ondindayo.
25 Ungakhanuki ubuhle bakhe enhliziyweni yakho,angakubambi ngezinkophe zakhe.
26 Ngokuba intengo yowesifazaneoyisiphingi iyiqebelengwanelesinkwa, kepha umfaziwomuntu uzingela umphefumulo onqabileyo.
27 Umuntu angaphatha umlilo esifubeni sakhe,izingubo zakhe zingashi, na?
28 Umuntu angahamba phezukwamalahle avuthayo,izinyawo zakhe zingahanguki, na?
29 Unjalo yena ongena kumkamakhelwane:akuyikuthiwa ongenacala noma yimuphi omthintileyo.