29 Unjalo yena ongena kumkamakhelwane:akuyikuthiwa ongenacala noma yimuphi omthintileyo.
30 Abamdeleli yini oyisela ukuthi uyeba ukuba azisuthise lapho elambile na?
31 Uma efunyanwa,uyakubuyisa kasikhombisa,anikeze yonke impahla yendlu yakhe.
32 Ophinga nowesifazane akanakho ukuqonda;wenza lokho okuchitha umphefumulo wakhe.
33 Uyakuthola imivimbo nehlazo,nenhlamba yakhe ayiyikwesulwa.
34 Ngokuba isikhwele sendoda singukufutheka;ayiyikuyeka ngosuku lokuphindisela.
35 Ayiyikunaka neze ihlawulo;ayaneliswa, noma uphana ngezipho eziningi.