9 Uyakulala kuze kube nini, vilandini?Uyakuvuka nini ebuthongweni bakho na?
10 Ubuthongo obuncane,ukozela okuncane,ukusonga izandla kancane kuze kulalwe,
11 bese kuthi ubumpofu bakho bufike njengomhambuma,nokuswela kwakho njengomuntu wesihlangu.
12 Umuntu omubi, umuntu wokona,nguye ohamba nomlomo ophambeneyo,
13 oqwayiza amehlo,eshudula ngezinyawo zakhe,ekhomba ngeminwe.
14 Ubuphoxo busenhliziyweni yakhe;uceba okubi ngesikhathi sonke;ususa ukuxabana.
15 Ngalokho ingozi yakhe iyakufika ngokuzumayo;ngokuphazima kweso uyakwaphulwa,kungabikho ukuphiliswa.